All manuals and user guides at all-guides.com
ISIZULU
UKUSEBENZISA IKETELA LAKHO
1. Gcwalisa iketela ngamanzi: ungawafaka ngombhobho noma uvule isivalo. Uma
uvula isivalo, vele uphakamise into yokukhiya isivalo. amanzi kumele abe
phakathi kuka MIN no MAX.
2.
Yonga: ungabilisi amanzi amaningi kunowadingayo.
3.
Ukuze uthuthukise izinga leziphuzo zakho hlala usebenzisa amanzi amasha.
4.
Phusha isivalo usivale siqine ize into yokukhiya ibe sendaweni yayo.
Qaphela:Qinisekisa ukuthi iswishi yokulikhanyisa/ON nokulicisha/OFF iyabonakala
nokuthi isivalo sivaleke kahle. Iketela angeke licime uma iswishi YOKUKHAYISA
NOKUCIMA icindezelekile noma uma isivalo singavaliwe.
5.
Plaka isinqe sikagesi bese ukhanyisa iketela ngokuthi ucofe ON/OFF ibe ku I (ilambu
eliyinkomba lizokhanya uma iketela lisebenza).
6.
Iketela lakho izozicimela lona uma amanzi esebilile. Ukuze uphinde uwabilise linda
imizuzwana embalwa bese ucofa ON/OFF futhi.
7.
Ukugwema ubungozi bokuchitheka,thela kancane kancane ungalitshekisi kakhulu
iketela ngoba lokhu kungadala ukuchitheka nokusha
8.
Thulula iketela njalo uma uqeda ukulisebenzisa.
9.
Iketela lakho linesisefo sokubamba izinto ezingangena emanzini.
UKUVIKELA UKUBILISA LOMILE
Idivayisi yokucisha yokuphepha izozisebenzela ngokwayo uma kwenzeka iketela
likhanyiseke ngephutha lingenamanzi, noma lingenayo amanzi enele ukumboza
i-elementi, noma ngokuvumela ukuthi libile lomile. Uma kwenzeka idivayisi yokucisha
isebenza, yekela iketela liphole imizuzu embalwa ngaphambi kokuthi ulifake amanzi,
ukuze uvumele idivayisi ikwazi ukubuyela endaweni yayo.
ISEXWAYISO
1. Uma usebenzisa iketela lakho, sicela uqaphele ukuthi lizoshisa uma amanzi ebilile.
Sicela usebenzise isibambo ukubamba iketela. Uma iketela selizicishele ngokwalo
(noma usulicishile ngesandla), lingase lidinge isikhathi ukuthi liphole. Emva
kwemizuzwana eyi-15-20, iketela lingabuye likhanyiswe futhi.
2. Umakwenzeka iketela libila lomile, liyeke imizuzu eyi-15 liphole ngaphambi kokuthi
ulifake amanzi abandayo.
.