All manuals and user guides at all-guides.com
ISIZULU
ISINGENISO
Siyabonga ngokuthenga iketela lethu lakwa-essentials. Iyunithi ngayinye yakhiwe
ngendlela yokuqinisekisa ukuphepha, ukwethenjwa, nokusebenziseka kalula. Ngaphambi
kokuthi uyisebenzise, sicela ufundisise lemiyalelo bese uyayigcina ngendlela ephephile
ukuze ubuye ubheke kuyo esikhathini esizayo.
OKUBALULEKILE UKUZE UYIVIKELE
Uma usebenzisa iketela lakho lakwa-essentials , kumele ulandele imiyalelo yokuvikela,
kubandakanya lokhu okulandelayo:
•
Leli ketela alihloselwe ukusetshenziswa abantu (kubandakanya abantwana)
abanokukhubazeka okukhona emzimbeni, ezinzweni noma engqondweni, noma
abangenaso isipiliyoni kanye nolwazi lokulisebenzisa, ngaphandle uma kukhona
obaqaphile noma benikeziwe imiyalelo mayelana nokusetshenziswa kweketela
beyinikwa ngumuntu obhekene nokuphepha.
•
Izingane kumele kube khona oziqaphayo ukuze kuqinisekwe ukuthi azidlali ngento
kagesi.
•
Ungalisebenzisi iketela uma kukhona lapho lilimele khona, kungaba noma intambo
noma iplaki. Kumele ubuyisele iketela emuva liyolungiswa esikhungweni esigunyaziwe
sokukhanda amaketela.
•
Qinisekisa ukuthi amandla kagesi asetshenzisiwe ayahambisana namandla kagesi
abhalwe kulebuli yesilinganiso.
•
Ungalisebenziseli endaweni enyukelayo iketela.
•
Intambo mayingathinti endaweni eshisayo.
•
Ungaligcwalisi kuze kweqe - amanzi abilayo angachithekela phansi.
•
Qinisekisa ukuthi isivalo sivalekile ngaphambi kokuthi uqalise ukusebenzisa iketela.
•
Ungasivuli isivalo ngenkathi amanzi esabila.
•
Ungalokothi ubeke iketela eduze noma phezu kwesitofu esishisayo noma esitofini
segesi.
•
Ungalokothi usebenzisele iketela eduze kukabhavu wokugeza, ishawa, usinki, noma
ezinye iziqukathi zamanzi.
•
Ungalifaki iketela, iplaki noma intambo emanzini, noma uvumele uketshezi lungene
noma luthinte izingxenye zeketela.
•
Uma ufuna ukuyikhipha iplaki, bamba iplaki bese uyadonsa odongeni. Ungalokothi
uyidonse ngentambo.
•
Ungalokothi uzame ukwemboza, ukunweba noma ukulula intambo kagesi.
•
Yenza isiqiniseko sokuthi iketela licishiwe ngaphambi kokuthi uliphakamise noma
uthele amanzi.
•
Qaphela uma uvula isivalo - amaconsi amanzi ashisayo angase achitheke.
•
Lo mkhiqizo uhloselwe ukusetshenziselwa endlini kuphela. Uma lisetshenziswa
efemini noma lisetshenziselwa ukuhweba lokho kuzoqeda iwaranti yalo.
•
Ungalisebenzisi ngaphandle.