Télécharger Imprimer la page

Essentials JB-1008 Manuel D'instructions page 26

Publicité

Les langues disponibles

Les langues disponibles

ISIZULU
ISIZULU
SICELA UNAMATHISELE ISILIPHU/UBUFAKAZI BOKUTHENGA LAPHA.
UMA KWENZEKA UFAKA ISICELO SOKUKHOKHELWA NGAPHANSI KWEWARANTI KUZOFUNEKA
UVEZE ISILIPHU/UBUFAKAZI BUHAMBISANE NEWARANTI.
Inombolo yohlobo
Igama lomkhiqizo
Usuku lokuthenga
Indawo othenge kuyo
1.
Umuntu odayisa umkhiqizo ("umthengisi") kumuntu wokuqala lomkhiqizo ("ikhasimende") unika
iwaranti yokuthi lo mkhiqizo uzoba seqophelweni elihle futhi, uzobe usebenza kahle, ungenawo
amaphutha futhi ukufanele lokhu ohloselwe khona ngaphansi kokusetshenziswa okujwayelekile
kwasendlini, isikhathi esingunyaka o-1 (owodwa) kusukela ngosuku othengwe ngalo ("isikhathi
sewaranti") salo mkhiqizo.
2.
Uma kwenzeka ukuthi umkhiqizo awukho ezingeni elifanele noma awusebenzi ngendlela efanele,
unephutha noma ungakulungele lokhu ohloselwe khona uma usetshenziswa endlini ngaphambi
kokuthi isikhathi sewaranti siphele, ikhasimende, ngemibandela esesigabeni 3 ngezansi,
lingawubuyisela umkhiqizo kumthengisi ngalemigomo:
2.1 Ezinyangeni zokuqala eziyi-6 (isithupha) zewaranti: ukuze ubuyiselwe inani lemali
owathenga ngayo
noma
ukushintsha umkhiqizo ngomunye ofana nawo noma ocishe ufane nawo ngenani
elifana naleli owathenga ngalo;
2.2 Emva kwezinyanga ezi-6 (isithupha) iphelile iwaranti: ungawushintsha umkhiqizo
uthole ofanayo noma ocishe ufane nawo wenani elifana naleli owalikhokha.
3.
Umthengisi angeke awubuyisele umkhiqizo noma abuyisele ikhasimende imali ngokwewaranti uma
umkhiqizo:
3.1 usishintshiwe ngokuphambanayo nemiyalelo ehlinzekwe ebhukwini lomkhiqizo;
3.2 usetshenziswe ngendlela engeyona, ihlukunyeziwe noma uthintiwe;
3.3 unephutha noma ungasasebenzi ngendlela efanele ngenxa yokulimala nokuguga
okujwayelekile;
3.4 ulimele ngenxa yobudedengu, ukunganaki, nokulimazwa yikhasimende
indlela yokuziphatha noma indlela yobugebengu;
3.5 ususetshenziselwe ukuhweba noma usebenze efemini.
4.
Le waranti isebenza kuphela uma umkhiqizo uthengwe kumthengisi futhi kungekho lutho okufakiwe
emkhiqizweni kufakwa yikhasimende.
5.
Noma yisiphi isicelo sokukhokhelwa ngaphansi kwewaranti kumele sihambisane nobufakazi
bokuqala bokuthenga.
6.
Qaphela ukuthi into eshintshwayo izobalelwa isikhathi sewaranti ukusukela ngosuku eyathengwa
ngalo.
All manuals and user guides at all-guides.com
IWARANTI
(inombolo ye-lot:
)

Publicité

loading

Ce manuel est également adapté pour:

Sr-6847353