Télécharger Imprimer la page

Essentials JB-1008 Manuel D'instructions page 24

Publicité

Les langues disponibles

Les langues disponibles

ISIZULU
YAZI ISITOFU SAKHO
A.
Isembozo
B.
Amashubhu okushisisa ashwilayo
C. Izinkinobho zokulawula ukushisa
nokubanda
D. Amalambu ayizinkomba zamandla
UKUCACISWA
Amandla
:
AC 230 V/50 Hz
kagesi
Amawathi
:
2200 W
Intambo
:
iplaki enophini ama-3 esekeliwe (inciphisa ubungcuphe bokushaywa ugesi)
I-thermostat
:
Umkhiqizo wase-China
UKUSEBENZISA ISITOFU SAKHO
Kumele ufundisise yonke imiyalelo ngaphambi kokuthi usisebenzise lesi sitofu.
Susa konke obekupakishe isitofu bese uyabhekisisa ukuze uqinisekise ukuthi isitofu sakho
sisesimweni esihle. Akumele kube khona ukuklayeka noma ukulimala kwentambo/iplaki. Ungazilahli
izinto ebeziphethe umkhiqizo kuze kube ukuthi zonke izinto ezengezayo zitholakele.
Kumele uqinisekise ukuthi amandla kagesi avezwe esitofini ayahambisana namandla kagesi ekhaya
lakho.
Susa wonke amalebuli anamathele noma okunanyathelisiwe ngaphambi kokusisebenzisa.
Kumele usule ngokucophelela ingaphandle kanye nendawo eqinileyo ngendwangu efudumele,
eswakeme ethofozelayo ukuze ususe izintuli ezingase zibe khona. Sula womise ngethawula elomile.
IMIYALELO YOKUSISEBENZISA
1.
Ngaphambi kokusebenzisa isitofu okokuqala, sivule usibeke ezingeni eliphezulu lokushisa imizuzu
emi-3 kuya kwemi-5 ukuze ujwayeze lokhu kokusivikela. (Lesi isona sikhathi kuphela ongavula ngasi
isitofu ngaphandle kokubeka into yokupheka kuso.) Uma usisebenzisa okokuqala, isitofu
singakhipha iphunga elincane kanye nomusi noma intuthu. Lokhu kuvamile kanti kubangwa ukuqala
kokusebenza kwezingxenye zokushisisa ngaphakathi.
2.
Ukuze isitofu sakho sisebenze kangcono, amabhodwe namapani ozowasebenzisa kumele abe
nesinqa esiqinile, alingane ngaphansi abe nebanga elinqamula phakathi elingaba ngu-18 - 20 cm
kanye nomthamo ongaba ngamalitha ayi-8. Ungawasebenzisi amabhodwe namapani anesinqe
esincane kunebanga elinqamula phakathi lesitofu.
3.
Noma ngabe angakanani, amabhodwe namapani akumele abe makhulu kunesitofu noma abe
seduze kakhulu nezilawuli.
All manuals and user guides at all-guides.com

Publicité

loading

Ce manuel est également adapté pour:

Sr-6847353