ISIZULU
Ukusetshenziswa kwentambo yokunweba akuncomeki kulento. Kodwa-ke, uma kunesidingo sokuthi
usebenzise intambo yokunweba, qinisekisa ukuthi intambo iwalungele amandla esetshenziswa
yileyonto kagesi ukugwema ukuthi ingashisi kakhulu intambo yokunweba, into kagesi noma indawo
yepulaki.
Ungayibeki intambo yokunweba endaweni lapho engadonswa khona izingane noma
izilwane noma ibakhube.
Lento kagesi ayikulungele ukusetshenziswa ngaphandle. Ungayisebenziseli okunye lento
ngaphandle kwalokhu ehloselwe ukusetshenziselwa khona.
Ungayibambi into kagesi ngentambo kagesi.
Ungazithinti izindawo ezishisayo ngqo. Sebenzisa izibambo noma amakhanda
Ungayishiyi iyodwa uma usayisebenzisa. Njalo ikhiphe kuplaki uma ungayisebenzisi. Iyeke iphole
ngaphambi kokuyihlanza.
Njalo sisebenzisele endaweni ebushelelezi, eqondile enganyakazi. Ungasibeki endaweni eshisayo.
Umkhiqizi angeke abe necala lokulimala noma ukulinyazwa okubangelwe ukusetshenziswa
ngendlela engalungile noma engeyiyo yalento kagesi, noma ukulungiswa owenziwe umuntu
ongagunyaziwe ukwenza lokho.
Uma kwenzeka kube nezinkinga zobuchwepheshe, cima ungazami ukuwulungisa ngokwakho.
Phindisela into kagesi endaweni egunyaziwe ezoyilungisa ukuze bayihlole, bayilungise noma
bayikhande.
Njalo gcizelela ukusebenzisa izingxenye zokuqala.
sixwayiso nemiyalelo ebalulwe ngenhla kungaphazamisa ukusebenza okuphephile kwalento.
All manuals and user guides at all-guides.com
Ukuhluleka ukuthobela lesi